Abafundi bafuna kuxoshwe uthisha osolwa ngawokunukubeza umfundi

2017-09-01 16:03

Cape Town - Umfundi wasesikoleni iThandokhulu High esiseMowbray, eKapa, uphefumule okokuqala ngothisha obhekene necala lokuhlukumeza ngokocansi.

Ekuqaleni kwesonto, kuvele i-video yakhe futhi lo thisha eshaya umfundi.

Lo mfundi, ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa, uthe iqeqebane labafundi lihlanganyele enkantolo lapho obekuvela khona lo thisha ngenhloso yokweseka lo mfundi.

OLUNYE UDABA:UMnyango wezeMfundo eKZN unconywe kakhulu ngohlelo lwama-pads

"Kunenye i-video yakhe lo thisha lapho eshaya khona ingane ngebhande. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko ekuseni, asisazizwa siphephile ngoba asazi ukuthi yini ezokwenzeka manje."

Lo mfundi, uthe njengoba uthishanhloko engakalusukumeli udaba, abafundi bafuna lo thisha axoshwe.

"Uthishanhloko uthe othisha akwazi ukubathathela izinyathelo yilabo abaqashwe yibhodi elengamele isikole kuphela, abanye akakwazi ukubaxosha ngoba akanawo amandla. Lo thisha uqashwe wuMnyango wezeMfundo eWestern Cape ngakho akukho angakwenza."

Khonamanjalo, owoMnyango wezeMfundo eWestern Cape,  uPaddy Attwell uqinisekise umfundi ukuthi lezi zinsolo uMnyango uyazibhekisisa."

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.