Abafundi baka-matric banxuswa ukuba bazibambe ziqine

2017-10-23 15:59

Johannesburg – Ziyageleza izilokotho ezinhle njengoba abafundi bakamatikuletsheni ababalelwa ku-800 000 kuleli beqale ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka ngoMsombuluko.

USihlalo wekomidi lezemfundo eyisisekelo ePhalamende, uNomalungelo Gina, ucele la bafundi baka-matric ukuthi bangakuvumeli ukuphazanyiswa yilutho njengoba selidumela emasumpeni.

"Sithanda ukufisela bonke abafundi okuhle kodwa njengoba beqala izivivinyo zokuphela konyaka. Siyabanxusa ukuba baqhubeke basebenze ngokuzikhandla. Leli yigxathu lokugcina leminyaka engu-12 bekade besesikoleni, sekuseduze phambili," esho esitatimendeni.

UGina uthe izindawo ezibe nokuthikamezeka ngesikhathi kuqhubeka unyaka, njengeLimpopo, kumele abafundi bakuzona benyuse amasokisi.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uzomemezela imiphumela ka-matric

Ukufunda nokufundisa kwaphazamiseka eVuwani ngoSepthemba ngesikhathi izakhamuzi zivala thaqa izikole ngesikhathi kunemibhikisho eyayimelene nezinqumo zeMunicipal Demarcation Board.

Lezi zakhamuzi solokhu zaqala ukubhikisha ngo-2015, ngemuva kokuthi leli bhodi likaMasipala waseMakhado lazibeka ngaphansi kwaseLim345.

Ngo-2016, zingu-30 izikole ezokhelwa ngomlilo ezinye zacekelwa phansi ngesikhathi kuqhubeka le mibhikisho.

IKwaZulu-Natal neGauteng yizona zifundazwe ezinabafundi abaningi ababhala u-matric kulo nyaka, njengoba isibalo simi ku-169 023 no-112 164 ngokuhlukana.

La bafundi baqale ngokubhala izilimi zangaphandle ezifana nesiHindu, isiGriki kanye nesiNtaliyane.

Iphepha lokugcina kuzoba ngele-Agricultural Management Practices elizobhalwa ngomhlaka-28 Novemba.

Thola udaba oluphelele lapha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.