Abafundi balale ehholo ngemuva kokuqubuka komlilo

2017-08-11 07:00

Port Elizabeth - Abafundi besikole iGamble High School ePort Elizabeth balale ehholo lokudlela ngoLwesithathu ngemuva kokuqubuka komlilo ehostela abahlala kulo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uMali Mtima uthi kuqubuke umlilo kuleli bhilidi ngo-19:00 ebusuku.

"Kukholakala ukuthi umlilo uqale esitezi sesibili ehostela. Kube nentuthu eningi ebhilidili lonke kanti mukhulu umonakalo odalekile."

OLUNYE UDABA:Owezemfundo ushaqekile ngesihluku esenziwe umfana wesikole

Umnyango wezicishamlilo ubizelwe kule ndawo ukuzobhula leli langabi.

Bonke abafuthi bebeseholweni lokuphumula ngesikhathi kuqubuka lo mlilo. Abekho abafundi abalimele.

Abafundi balale kuleli hholo kusukela ngoLwesithathu kanti uMasipala usize ngemibhede nezingubo ngoba ezasehostela bezimanzi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.