Abafundi basayiniswa ifomu yokungakhulelwa besafunda

2017-03-17 14:01

Johannesburg - Isikole esiseMpumalanga siphoqa abafundi abangamantombazane ukuba basayine ifomu ebabophezela ukuthi ngeke baze bakhulelwe besafunda, kanti uma kwenzeka lokho bazoxoshwa esikoleni.

Abafundi abaphakathi kweminyaka engu-14 nengu-18 ubudala base-DM Motsaosele Secondary Kwa-Guqa, eWitbank, banikezwa leli fomu ngoFebhuwari.

Kule fomu abafundi kufanele babhale amagama abo nokuthi benza liphi iklasi, kuyo le fomu kufanele isayinwe wumfundi nomzali bese ibuyiselwa esikoleni.

Uthisha wakulesi sikoleni ongafunanga lidalulwe igama lakhe uthe, uthe isibalo sabafundi abakhulelwayo ngonyaka silinganiselwa kwesabahlanu.

OLUNYE UDABA: Uthishanhloko kwelokukhulelisa ona-13

Abafundi abakhulume nephephandaba iSowetan babe nemibono eyahlukene kodwa bavuma ukuthi ukukhulelwa kwabafundi sekudlangile.

"Uma sikhulelwa sisafunda, sizoxoshwa esikoleni. Ngibona kungalungile lokhu ngoba kwesinye isikhathi iphutha liyenzeka. Manje yini engizoyenza ekhaya uma sengixoshwa esikoleni?" kubuza umfundi kaGrade 10.

Abanye abafundi bathi balisayinile leli fomu balibuyisela esikoleni njengoba bona bezazi ukuthi ngeke baze bakhulelwe besafunda.

Uthishanhloko wesikole u-OJ Ndlozi imibuzo uyidlulisele kuMnyango wezeMfundo eMpumalanga.

Okhulumela uMnyango uJasper Zwane uthe umbiko abawuthole esikoleni ukuthi benza imizamo yokukhuluma namantombazane ngokukhulelwa.

Yize kunjalo, okhulumela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo u-Elijah Mhlanga uthe isikole sinephutha futhi esikwenzayo akuhambisani nomgomo iNational Policy on the Prevention and Management of Learner Pregnancy.

- SowetanLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.