Abagibeli besitimela bashaye umshayeli waso ngamatshe eThekwini

2017-11-15 12:30

eThekwini - Owesimame oshayela isitimela esihamba umzila ophakathi kweTheku naseStanger usathuthumela kulandela ukuhlaselwa kwakhe ngoLwesibili ekuseni ngabagibeli abebedinwe begane unwabu, kubika iThe Citizen.

Ngokusho kwakhe, abagibeli bacasuke bamphoqa ukuba ashaye irobhothi, kodwa wanqaba base bemshaya ngamatshe.

Ngokubika kwenyunyana yabasebenzi bezokuthutha kuzwelonke i-United National Transport Union (UNTU), uGugu Phakathi, 38, oseneminyaka engu-16 esebenzela inkampani yakwaPassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) uyalelwe ukuba amise isitimela ukuze silungiswe.

Uthe esethi uyaqhubeka nohambo, wayalelwa futhi ukuba ame njengoba kukhanye ilambu elibomvu elimumisayo ukuze kudlule isitimela esithwala impahla.

Yilokhu-ke okucasule abagibeli abavele bavuka umbhejazane bamhlasela bemsabisa ngokuthi bazomubulala baphinde bashise nesitimela.

OLUNYE UDABA:Usesimeni esibucayi okhishwe isitimela sihamba

"Laba bagibeli bacasulwe wukuthi bashiywa yisikhathi njengoba bebelibangise emsebenzini ngakho-ke bebefuna ukwazi ukuthi kungani isitimela esilayisha impahla besingeke silinde bona badlule bese sona silandela ngemuva," kusho uPhakathi.

Uthi umshayeli uzamile ukubachazela abagibeli kodwa bebelokhu bemthuka abanye bezama ukungena egumbini ahlala kulo uma eshayela befuna ukumhlasela, kodwa ubezikhiyele ngaphakathi.

"Ngesikhathi bebona ukuthi abakwazi ukungena, bajikijele ngamatshe la ebengihleli khona besabisa ngokungibulala," kusho lo mshayeli.

USteve Harris, okhulumela inyunyana uthe sekwanele ukuhlukunyezwa kwabasebenzi futhi amaphoyisa kumele angenelele.

"Amaphoyisa kumele adlale indima yawo ukuqinisa ezokuphepha futhi kulawuleke namalungu omphakathi," kusho yena.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.