Abakatholakali abesifazane abadlwengula indoda ePitoli

2017-06-28 14:01

Johannesburg - Kusaqhubeka ukuthungathwa kwabantu besifazane abathathu abathumba baphinde badlwengula indoda yaseNellmapius ePitoli ngenyanga edlule.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Anton Breedt uthe ayikabibikho imikhondo ekhona okwamanje kulandela lesi sigameko.

"Uphenyo lusaqhubeka, kodwa okwamanje akukho okusha okusavelile."

Indoda, 23, yatshela amaphoyisa ukuthi yathunjwa isetekisini ngomhlaka-19 Meyi, yadlwengulwa abantu besifazane beshintshana ngayo.

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe indoda, 54, ilele emzini wayo

UCaptain Colette Weilbach okhulumela amaphoyisa aseBroooklyn, uthe le ndoda kusolwa ukuthi yajovwa ngomjvo ongaziwa ngemuva kokugibela etekisini ilibangise ePitoli ngakuSolomon Mahlangu Drive, kubika iRekord East.

"Yatshela amaphoyisa ukuthi yaphaphama isegumbini engalazi elalinombhede owodwa omncane.

"La bantu besifazane kusolwa ukuthi baphoqa le ndoda ukuba iphuze isiphuzo esinika umdlandla ngaphambi kokushintshana ngayo beyidlwengula usuku lonke."

Yatholwa ngemuva kwesikhashana ehlathini eliseBenoni, yabe isithola ukwelashwa, kusho uWeilbach.

Amaphoyisa asegqugquzele izisulu zabantu besilisa ukuba babike ngezigameko zokudlwengulwa.

Onolwazi ngodaba uyacelwa ukuba ashayele i-Family violence, child protection and sexual offences unit ku-012-353-5301 noma athumele umqhafazo ku-32211.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.