Abakwa-RTMC bathi sebeyilungele impelasonto yePhasika

2018-03-26 12:30

Johannesburg - Abakwa-Road Traffic Management Corporation (RTMC), bathi sebekulungele ukubhekana neziminyaminya emigwaqeni njengoba izwe libheke kwimpelasonto yePhasika.

Isikhulumi uSimon Zwane, sithe imigwaqo emikhulu izobe iqashwe ngelokhozi. Unxuse abashayeli ukuba bathobele imithetho yemigwaqo.

Uthe amaphoyisa omgwaqo azobe etshalwe kuyo yonke imigwaqo emikhulu.

OLUNYE UDABA:'Uzolidlela ejele iphasika ozobanjwa ehamba ngesiphezulu emgwaqeni'

"Kusezandleni zabashayeli ukwenza okufanelekile. Abashayeli abazobe bethutha abantu bebasa emabandleni abo kufanele baqinisekise ukuthi amabhasi namatekisi asesimeni sokugamba emgwaqeni."

Kulindeleke ukuba namalungu ebandla i-ZCC atheleke ngobiningi bawo eMoria, ngaphandle kwasePolokwane ehambele ezindaweni okuzobe kubanjelwe kuzo izinkonzo.

UNgqongqoshe wezokuThutha eLimpopo, uMakoma Makhurupetje uthe amaphoyisa zokwenza konke okusemandleni ukulwa nobugebengu njengoba kubhekwe ePhasikeni. Azosebenza amahora angu-24 eqaphe ezindaweni ezaziwa ngobugebengu esifundazweni.

Kulindeleke ukuba umgwaqo omkhulu uN3 obheke eThekwini ubematasa kakhulu kule mpelasonto ende.

 - SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.