Abakwa-Sassa baqwashisa abantu ngamaqola ahubhuza amanga ngeyesibonelelo

2017-12-04 11:00

Johannesburg – Abe-South African Social Security Agency (Sassa) bayawaphika amahlebezi ngemibiko engamanga etholwa yilabo abathola isibonelelo sikahulumeni.

I-Sassa ikhiphe isitatimende ngoMsombuluko iveza ukuthi akolona iqiniso ukuthi amahhovisi abo azobe evaliwe ngenyanga kaDisemba nokuthi abathola isibonelelo sikahulumeni ngeke basithole ngenyanga kaJanuwari.

Le nhlangano ithi izovala kuphela ngamaholidi lawa ajwayelekile.

"Sifisa ukuxwayisa bonke abantu abathola isibonelelo sikahulumeni ukuba baqaphele ukwanda kobugebengu."

OLUNYE UDABA:Kuxwayiswa abanamakhadi akwa-SASSA ngoshintsho

Le nhlangano iveze ukuthi kusaqhutshekwa nokukhishwa kwesibonelelo senyanga kaDisemba kanti abantu kumele baqaphele ngokweqile kuma-ATM kanye nasezitolo lapho abakhipha khona imali.

"Lokhu kwenzelwa ukuthi abantu bakwazi ukuthenga izinto abazidingayo ngoKhisimusi kanye namanye amaholidi angoDisemba.

Kusukela ngoJanuwari 2018, imali yesibonelelo izoholwa ngosuku lokuqala enyangeni, nyanga zonke.

Oyibamba loMphathi weSassa uPearl Bhengu unxuse abathola le mali ukuba baqaphele bangabi nobudedengu bokuthi banike abantu imininingwane yamakhadi abo, izinombolo zabo zepasi noma ezokukhipha imali.

"Ngithanda ukuthatha leli thuba nginifisele okuhle kodwa ngala maholidi futhi niphephe uma niyokhipha imali yesibonelelo," kusho yena.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.