AbakwaDiscovery 'bayalela owesifazane okhulelwe akabuyise imishanguzo'

2017-12-16 09:22

EGoli - Owesifazane onamasonto angu-38 ekhulelwe ubedinga imishanguzo ngokushesha ukuze kugwemeke isimo lapho igciwane lesandulela ngculazi lingasuleleka enganeni.

Lo wesifazane kubikwa ukuthi uthole le mishanguzo ngeposi ngemuva kokuthola usizo lukadokotela wakhe ohlambalaze abeDiscovery Health Medical Scheme enkundleni yezokuxhumana uTwitter.

Udokotela waseGoli uSindi van Zyl‚ ubhale enkundleni yezokuxhumana waveza ukuthi ufuna ukweneka obala imikhuba yale nkampani ngemuva kokuba iyalele lo wesifazane ukuba abuyisele imishanguzo esitolo sakwaDischem nokuyilapho eyithathe khona ngoba isicelo sakhe se-medical aid besingakaqinisekiswa.

Ngokusho kukaVan Zyl, lesi siguli sinegciwane i-HIV kanti besidinga imishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane ngokushesha ukugwema ukusuleleka kwengane ngaleli gciwane.

OLUNYE UDABA:Kuvele imiphumela emangalisayo kwenziwa ucwaningo lwama-ARVs kone-HIV

Lokhu, ngokusho kodokotela abakhulume nabeTimeslive, iziguli ezinaleli gciwane kumele zithathe imishanguzo lapho zibona ukuthi sezikhulelwe, kodwa lesi siguli besingayithathi imishanguzo.

UVan Zyl uchazele abeDiscovery ngamafomu adingekayo waveza ukuthi leli philisi elidingekayo libiza u-R1000 kanti lisiza kakhulu ekwehliseni izinga laleli gciwane ngosuku olulodwa.

Lo dokotela ukwenze konke okudingekayo ngethemba lokuthi lesi siguli sizosizakala yize i-medical aid yakhe ingeyamanani aphansi futhi ingayikhiphi imishanguzo efana nalena.

Kuthe kusenjalo isiguli saxhumana nalo dokotela sithi sithole ucingo oluvela kwabakwaDiscovery bemtshela ukuthi akabuyisele emuva le mishanguzo uma kungenjalo sizoyikhokhela ngemali ephuma ephaketheni laso.

Thola udaba oluphelele lapha.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.