AbakwaGupta kubathathe izinyanga ukukhokhela izindleko zomshado 'wezimanga'

2017-06-06 11:32

Johannesburg - Umndeni wakwaGupta kuwuthathe izinyanga ezingu-19 ukuba ukhokhe imali yezindleko zomshado kanokusho womshana wakhona owawuseSun City, ngokwemibiko yangoLwesibili.

Umcimbi owadonsa izinsuku ezine waqubula umsindo zisuka nje, kulandela ukuhlala kwendiza yalo mndeni eWaterkloof Airforce Base.

Umshado wawuphakathi kuka-Ephreli 30 noMeyi 4, 2013 ePalace Hotel, eSun City.

AmaBhungane neScorpio ngoLwesibili babike ngama-email aveza ezinye zezinto ezazifunwa umndeni wakwaGupta – kanye nokunqaba komndeni ukukhokha imali yezindleko ngokuhamba kwesikhathi.

Umndeni wakwaGupta kuthiwa phakathi kwezinto owawuzifuna emshadweni kubalwa ama-khrikhethi‚ amahhashi, uweta oyedwa ozosiza abantu abayishumi, ukuba izivakashi ziwashelwe kanye nelungelo lokuba bafike nokudla kwabo.

OLUNYE UDABA: Othisha 'bajola' udede nabafundi

Kwabhukhwa amagumbi angaphezu kwangu-230.

Izindleko zaseSun City zacishe zafinyelela ku-R8-million‚ sekuhlanganisa imali yendawo ezayiqasha kanye neyezinto ezafa noma ezingabuyiswanga.

Ngemuva kwalokho, kwathathelwana izinyathelo zomthetho, kwabanjwa nemihlangano eminingi ukuzama ukuxazulula lolu daba.

NgoJulayi umndeni wakwaGupta waqala ngokukhokha u-R1 290‚664.64. Ngenyanga elandelayo wakhokha u-R1 021‚170.

Izisebenzi zakwaGupta ngoDisemba 2014 zazisaqhubeka nemizamo yokukhokhela iSun City, kanti futhi ama-email agcina ngaleso sikhathi ukubonisa imininingwane ngalolu daba, kubika i-Scorpio namaBhungane.

 - TimesLive

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.