AbakwaSARS bamfake enkantolo lowo owabhala incwadi ngoMengameli Zuma

2017-12-19 18:00

Johannesburg - ISouth African Revenue Service (SARS) isifake amaphepha eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ibopha intatheli uJacques Pauw ikhala ngokuthi washicilela ulwazi oluyimfihlo encwadini yakhe esihloko sithi The President's Keepers.

UKhomishana wakwa-SARS uTom Moyane encwadini efungelwe uveze ukuthi uPauw wadalula imininingwane yabakhokhintela, okungukwephula iTax Administration Act.

UMoyane uphinde wazwakalisa nokuthi uPauw kumele akhokhe izindleko zecala uma esiphikisa isicelo esifakwe ngabakwaSARS. 

"Imininingwane yalolu hlobo akumele idalulwe emphakathini ngabantu abangenalo igunya lokwenza njalo," kusho uMoyane.

OLUNYE UDABA: U-SARS uzoyithathela izinyathelo eyencwadi ebhalwe ngoMengameli Zuma

Nokho la maphepha awazange ayiswe kwi-NB Publishers, kepha le nkampani eshicilela izincwadi ithi izozivikela mayelana nalesi siscelo ngonyaka ozayo.

"Singakusho nje kugcwale umlomo ukuthi sizomvikela umbhali wethu kanye nale ncwadi esicelweni esifakwe nguMoyane ngoba kuyacaca ukuthi umphakathi uyakuthakasela okulotshwe kuyo njengoba kuvela ukuthi uMengameli Jacob Zuma wasebenzisa izikhungo zezomthetho kuleli ukuze abalekele ukukhokha intela nanokuthi ubethola umholo kuRoy Moodley."

Ngemuva kokukhishwa kwale ncwadi ngo-Okthoba, iState Security Agency yathumela incwadi eyalela i-NB Publishers ukuba iyihoxise ezitolo.

Nokho le ncwadi isaqhubeka nokutholakala ezitolo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.