AbakwaSpur balaxaze uphenyo mayelana nezigameko zokucwasana ngokwebala

2017-10-17 16:00

Johannesburg - Indawo yokudlela i-Spur eyaba ngundabuzekwayo ngemuva kwesigameko somlungu owayehlasela futhi esabisa owesimame onsundu, ikhethe ukulaxaza uphenyo mayelana nezigameko ezifana nalezi, kubika iThe Citizen.

Leli bhizinisi lakhetha ithimba labaphenyi ngemuva kwalesi sigameko esenzeka eSpur oseGlen Shopping Centre, eGoli.

Kuthuse abaningi ukuhoxiswa kwaleli thimba ngaphandle kwesexwayiso.

Iphephandaba iHuffPost SA okuyilona elibike ngalolu daba lithi uSihlalo waleli thimba, u-Elmien du Plessis, uthi ushaqekile ngokwenzekile.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe isisebenzi kuphangwa indawo yokudlela

“Abakwa-Spur bacele ukuba leli thimba lingabe lisaqhubeka nomsebenzi. Lokhu kusiphoxe kakhulu ngoba leli thimba belizimisele ukubambisana nale nkampani," kusho yena.

Leli thimba belizokwenza uphenyo mayelana nezigameko ezike zavela mayelana nokucwasana kule ndawo futhi likhiphe neziphakamiso zokugwema izigameko ezifana nalezi ngokuzayo.

"Ukuze liqhube kahle umsebenzi, bekulindeleke ukuba wonke amagatsha akwa-Spur abambe iqhaza kulolu phenyo," kusho uDu Plessis.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.