Abalandeli bahlela ukubhikisha lapho kuzobe kujima khona uSuthu

2018-01-17 09:31

Durban - Abalandeli bamaZulu bahlela ukumashela ezinkundleni okuziqeqeshela kuzona le kilabhu befuna kuxoshwe umqeqeshi uCavin Johnson, kubika iKickOff.com.

Abalandeli abeneme ngoJohnson, owaqokwa emasontweni amabili ngaphambi kokuqala kwesizini ngemuva kokuba uSuthu luthenge iThanda Royal Zulu ukuze lube ku-PSL.

Bafuna ukubona uJohnson ehambile futhi lokhu bazokuveza ngoLwesithathu lapho leli qembu lizilolongela khona, eMoses Mabhida Stadium. 

Kuzobe kungekhona okokuqala abalandeli boSuthu bephazamisa ukuzilolonga kwekilabhu.

Ngesikhathi uCraig Rosslee esangumqeqeshi woSuthu ngo-2014/15, abalandeli boSuthu bafika kungazelele muntu. URosslee wagcina eshiyile ngoSepthemba 2014 ngemuva kokwehluleka ukuwina ngisho umdlalo owodwa kweyisithupha yokuqala kwesizini.

OLUNYE UDABA: Ele-PSL lilandela umgadli wangaphandle

USuthu lwagawulwa yizembe ngaleyo sizini, nokuyinto abangafuni ukuyibona yenzeka futhi abalandeli.

Sekuphele imidlalo engu-9 kuyona yonke imiqhudelwano uSuthu lungawini. Lusawine imidlalo emithathu kuphela kwengu-15 yeligi kuze kube manje.

“Kuzoba yimashi enokuthula. Sizobhala izakhalazo zethu ezingqwembeni. Sizobe singayanga ukuyophazamisa ukuzilolonga kwabo. Sikhathele umqeqeshi esinaye ngoba akukho ukubambisana,” kusho abalandeli abangafunanga ukudalulwa.

USuthu emdlalweni olandelayo luzobhekana neSuperSport United eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngoMgqibelo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

5 scientific benefits of owning a cat

According to science, just the act of watching cats itself can bring about positive emotions – so it comes as no surprise then, that owning a cat has a number of benefits.

 

Paws

Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
How to clean your dog’s eyes
This special pooch inspired his brother to learn to stand again
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.