Abalingisi badinwe bayaveva ngesinqumo se-SABC

2016-11-22 12:30

Cape Town – Isithole okukhulu ukugxekwa inhlangano esakaza ngomoya kuleli, i-SABC, ngamaciko asemkhakheni wamabonakude kulandela isinqumo sayo, esichazwe njengento engakaze yenzeke, sokunqamula isigubhukane umdlalo odlala ku-SABC 3, iHigh Rollers.

Ngokombiko weChannel24, iSABC yatshela iRous Hous Productions, inkampani ekhiqiza iHigh Rollers, ukuthi iwufuna uphumile lo mdlalo osukwisizini yesithathu emoyeni kungakapheli izinsuku ezingu-30, phezu kokuthi le nkampani inenkontileka ende kakhulu ukuthi idlale ezinye iziqephu.

OLUNYE UDABA: U-SABC usufake iGenerations ku-SABC 3

Enye yezinkakha ehlonishwanyo ekudidiyelweni kwemidlalo kamabonakude, kodwa engasebenzi kwiHigh Rollers, necele ukuba igama layo lingadalulwa ngenhloso yokuvikela ukusebenzisana ne-SABC, ichaze lesi sinqumo se-SABC njengento “engakaze yenzeke” futhi “engakaze izwakale”.

“Ukunqanyulwa isigubhukane okufana nalokhu vele kudala umonakalo othikameza ababhali, abalingisi, ithimba kanye nababaphethe," kusho lo mdidiyeli, engeza ngokuthi kumele izinhlaka ezithintekayo zimangalele u-SABC.

Ukhala ngokuthi njengoba kade kunesivumelwano eside kunabantu abesebekwazi ukuthola indawo yokufihla ikhanda, ukubeka isinkwa etafuleni kanye nokufundisa izingane, nokuyizinto engeke besakwazi ukuzenza.

Isinqumo se-SABC sokulaxaza iHigh Rollers siza ngemuva kokuthi le nhlangano yanyusa isibalo seziqephu zayo ngeviki yaphinde yashintsha nesikhathi eyayidlala ngaso, sisuka ku-20:30, kwaba ngu-19:30.

Okhulumela u-SABC, uKaizer Kganyago, uthi le nhlangano ngeke ikwazi ukuxoxa ngezivumelwano nezinkampani ezididiyela imidlalo kubantu bangaphandle nakwabezindaba.

Ngakolunye uhlangothi abalingisi, ithimba kanye nabantu abasebenza kulo mdlalo, sebephumele obala beveza ukungenani ngokunqanyulwa kwalo mdlalo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.