Abalingisi befilimu iBlack Panther balibangise kuleli

2018-02-16 14:02

Cape Town - Likhuli isasasa ngefilimu entsha efolose ngabalingisi bebala elinsundu kuphela ebizwa ngokuthi yiBlack Panther.

Yize le filimu isanda kuphuma ema-cinema emazweni ahlukahlukene, kuthiwa iyona filimu ehamba phambili kakhulu ngokudayisa ngokwedlulele amathikithi ngaphambi kokuba ikhishwe.

Le filimu izoqala ukudlala ema-cinema akuleli ngoLwesihlanu mhlaka-16 Febhruwari kanti yizinkulungwane zabantu ezifuna ukuzibonela ngawazo ifilimu yokuqala eqhakambisa abalingisi abansundu, kanti okuhle kakhulu wukuthi bakhona nabalingisi bakuleli abadlala kuyona.

Ngale kokuba nabalingisi bakuleli, i-albhamu yezingoma ezidlala kule filimu eyenziwe ngokuhlanganyela nabaculi bamazwe ngamazwe, inabaculi bakuleli.

OLUNYE UDABA:'Ukukhuphuka kwezinga labazibulalayo kuleli kuyakhathaza'

Abaculi abafana noBabes Wodumo, uSjava kanye noReason ngabaculi bakuleli abaliphakamise kakhulu ifulegi lezwe njengoba izingoma zabo zizwakala kuleli cwecwe.

Imibiko yakamuva ekhishwe ngabeChannel24 ithi abalingisi bale filimu balibangise kuleli.

ULupita Nyong'o kanye noDanai Gurira babhale ezinkundleni zokuxhumana bebika ukuba amabombo abheke kuleli.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.