INGOSI: Abamatekisi abayeke ukuhlale betetemisa okwezingane

2017-06-19 14:00

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban – NgoLwesine, mhla zingu-15 kuJuni 2017, kuphinde kwama nse ukuhamba kwezimoto kweminye yemigwaqo emikhulu yaseGauteng nokubalwa kuyo u-N1, N3 kanye no-N12 njengoba bekuqhubeka esinye futhi isiteleka semboni yamatekisi ngaphansi kwenhlangano yamatekisi iSouth African National Taxi Assocition (Santaco).

Lesi siteleka bese siyihlandla lesibili esikhathini esingaphansi kwenyanga njengoba nangomhlaka-31 Meyi 2017 abagibeli bamatekisi bazithole sebesele dengwane kwezinye izingxenye zeTheku  ngesikhathi abanikazi balezi zithuthi zomphakathi begcwala imigwaqo benikela kwesinye sezikhungo okukhiqizwa kuzona izimoto zakwaToyota, iToyota eProspection, eSiphingo, eningizimu neTheku.

Phakathi kwezinye zezinto abakhala ngazo abemboni yamatekisi kubalwa ukumba eqolo kwentengo yohlobo lwezimoto eziyintandokazi kule mboni nezikhiqizwa uToyota, ama-Quantum. Bathi ngaphambi kokuba lezi zimoto zikhiqizwe eNingizimu Afrika zazibiza u-R220 000 – kodwa manje sezibiza u-R450 000, ingakabalwa i-interest, yize noma sezikhiqizwa kuleli.

Okwesibili, bakhala ngezinkampani zemishwalense nabathi zivele zinyuse kakhulu imali yemishwalense ekhokhwa nyanga zonke (premiums) kosomatekisi.

Okwesithathu, bakhala kakhulu ngamabhange kanye nenkampani ebahlinzeka ngemali mboleko yokuthenga amatekisi, i-SA Taxi Finance, nabathi ama-interests ayo aphezulu kakhulu futhi kwayibona abayenzi imali okumele bayikhokhe ngenyanga, nokuyinto abathi iwisa amabhizinisi abo.

Basola i-SA Taxi Finance, amabhange, izinkampani zemishwalense kanye noToyota ngokuhlangana ngabo ukuze bezobabiza kakhulu.

Okunye abaphinde bakhale ngakho uMnyango wezokuThutha, nabawusola ngokuhudula izinyawo ekukhipheni izimvume zokusebenza (permits) zamatekisi, nokuholela ekutheni aboshwe.

Izinsolo zodlame kanye nokuhlukunyezwa kwabagibeli

Njengoba kwakulindelekile, isiteleka sangoLwesine saba nezinsolo zokuhlukunyezwa kwabagibeli bezinye izithuthi zomphakathi kanye nezinsolo zokudunwa kwamaloli ukuze kuvalwe ngawo imigwaqo. Abanye babashayeli bamaloli bathi baphoqwa ukuthi banikezele khokhiye bamaloli kanti abanye bathi babekhonjwe nangezibhamu.

Kodwa-ke njengokujwayelekile abemboni yamatekisi baziqhelelanisa nalezi zigameko nalapho, ngokwabo, bethi baba nombhikisho ‘onokuthula’.

Kodwa-ke phezu kwalokho, abeSantaco bathi bekuseyizinto ezincane nje ukuteleka kwabo eThekwini kanye naseGoli njengoba besabisa ngokhukhulela ngoqo wesiteleka esizodonsa izinsuku ezintathu kusukela ngoLwesithathu mhlaka-12 Julayi, kuze kube uLwesihlanu mhlaka-14 Julayi. Ngokusho kwabo, kulesi siteleka kuzoma nse ukusebenza embonini yamatekisi ezweni lonke.

Ngokujwayelekile kuyaye kuthiwe imboni yamatekisi ukuphela kwemboni ephethwe abantu abamnyama – even though that is still debatable. Ngoba awukwazi ukuzikhohlisa ngokuthi uphethe imboni ekubeni ungalawuli yonke into ebalulekile ethinta imboni okuyona.

Imboni yamatekisi, yona le okuthiwa eyabantu abamnyama, idume kakhulu ngezinto ezingezinhle eziyamaniswa nayo, okubalwa kuzo udlame, ukuqothana ngenhlamvu kubangwa imizila, ukungashayeli ngedlela noma ukungahloniphi imithetho yomgwaqo, ubuqhwaga kubashayeli bawo kanye nobasizi babashayeli, ukungahlonishwa kwabagibeli kanye nokunye ukungahleleki okuningi.

Okuqaphelekayo la ukuthi kubukeka kukuncane ukuqonda, uma ngabe kukhona, kwabamatekisi mayelana nokuthi ebhizinisini kusetshenzwa kanjani.

Okukuqala nje kumele baqonde ukuthi uma ngabe ungena ebhezinisini uzingenela ngokuthanda kwakho, akekho okukhomba ngesibhamu futhi awenzeli muntu umusa ngokungena ebhizinisini, kodwa wenzela wena. Njengawo wonke amabhizinisi, kumele lowo oliqalayo abe nemali yokuliqala (capital), enze isiqiniseko sokuthi inzuzo (profit) azoyenza izomelena nemali yokuliqhuba nyanga zonke (monthly expenses) ukuze agweme ukuthi angalahlekelwa yimali (loss).

Okunye futhi okubalulekile, nokubukeka sengathi abemboni yamatekisi abakwazi nokuthi kuyini, ukuthi ebhizinisini kuyohlale kunokuncintisana (competion), nokusho ukuthi kumele ngaso sonke isikhathi uhlale unamaqhinga okugcina kanjalo nokuheha amakhasimende – hhayi ngempi. Khona ukuthi ikhasimende liyahlonishwa bangaki abakwaziyo?

Bona bahlulwa yini ukuzenzela?

Imboni yamatekisi, ngoba inkulu, pho ihlulwa yini ukuhlangana bese izisungulela umshwalense wayo, la bezokhokha khona le mali abakholwa ukuthi ngokwabo i-fair? Bahlulwa yini ukuhlanganisa imali bazisungulele isikhwama abazoboleka kuso uma bethenga izimoto, lesi esizobiza le mali abathanda ukuyikhokha? Uma ngabe kuwukuthi ama-Quantum noma uToyota umba eqolo, kanti ukuphela kwenkampani eyakha amakhumbi yini.

Okukanye-ke sebehlulwa yini ukuthi baxoxisane nezinye izinkampani ezakha izimoto ukuze zizobabiza amanani aphansi – bese beseka lezo zinkampani. Ayikho inkampani yezimoto, okubalwa noToyota, ene-monopoly yokwakha izimoto ezithutha umphakathi.

Abantu abamnyama, okubalwa nabo osomatekisi, bane-advantage enkulu kabi yalento ebizwa ngokuthi yi-buying power ngenxa yobuningi babo . Lokhu kusho ukuthi bangasungula amabhizinisi ngenkulu impumelelo uma bezolixhasa futhi bangakwazi ukuqumba phansi amabhizinisi akhona uma bengahoxisa uxhaso lwabo.  

Kodwa-ke inkinga yayo (i-buying power) angeke isebenze kubantu abangakuqondi nokuthi banayo futhi abangabumbene. Abantu abazi ukuthi kumele bahlangane kuphela uma kumele kuyogxotshwa itoyitoyi – kuhlanganwa nini ema-boadrooms ukuze kuzoqhanyukwa namaqhinga asa ibhizinisi phambili.

Indlu emnyama iyathanda ukuhlale ikhalela izinkampani zabebala

Indlu enyamnyama inawo lo mkhuba wokuthi ihlale ibalisa ngokuthi ihlukunyezwa yizinkampani zabamhlophe kodwa kube kuyibona abantu abagijima baze babe bafushane beya kuzona.

Osomabhizinisi abanjani laba abamisa umsebenzi, balahlekelwe yinzuzo yosuku, beyotoyitoyela abanye osomabhizinisi? Ngamanye amazwi bona baqonde ukutshela umhlaba wonke ukuthi bayahluleka noma sebephelelwe amaqhinga okuqhuba ibhizinisi labo. Abadedeli ngani pho abanye amanamaqhinga angcono?

Kodwa-ke zikhona izikhalo zosomatekisi ezizwakalayo nokubalwa kuzo ukuphuza kokuhlinzekwa ngezimvume zokusebenza nguMnyango wezokuThutha. Iyona nto yokutoyitoyelwa-ke le ngoba akukho la bengathola khona izimvume uma ngabe bengazitholanga eMnyangweni.  

Isikhalo sabo sesibili esicishe sizwakale yilesi sokungabi nazo izindawo zokupaka ezifana nezamabhasi njengoba wona kwaziwa ukuthi awavele nje ame noma kuphi. Bathi lokhu kwenza ukuthi bahlale bethola amathikithi okupaka lapho kungafanele khona. Kodwa-ke asikho isiqiniseko sokuthi abashayeli bamatekisi angeke besama noma kuphi uma sebakhelwe izindawo zokupaka.

Le perception engeyinhle ngemboni yamatekisi yenza ukuthi iqhubeke le nto yokungathatheki serious kwabantu abamnyama, ikakhulukazi ekuphatheni amabhizinisi ngoba kwaziwa ukuthi njalo nje amabhizinisi aphethwe yibona awathuthuki futhi ahlale enokukhulu ukungahleleki.

Phela kuyaziwa ukuthi uma kukhulunywa ngamabhizinisi asathuthuka kusuke kukhulunywa ngamabhizinisi abantu abamnyama. Sebaze baqanjwa amagama kwathiwa ‘osomabhizinisi abasafufusa’. Kanti kwakhala nyonini ngalesi sizwe esihlale sibalisa ‘ngokufufusa’ nje sona? 

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.