Abaningi babethi sekuphelile ngami ebholeni - Yeye

2017-06-26 15:59

Johannesburg - Umdlali weSuperSport United uReneilwe Letsholonyane uthi nakuba abantu abaningi babecabanga ukuthi sekuphelile ngekusasa lakhe ebholeni, wayazi yena ukuthi imilenze isavuma ukuba angaqhubeka.

Lokhu kubonakele nangempelasonto ngesikhathi iSuperSport United ishaya i-Orlando Pirates ngo-4-1 kowamanqamu eNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

ULetsholonyane wajoyina aMatsatsantsa ngaphambi kokuqala kwesizini ngemuva kokwehluleka ukuvumelana ngenkontileka entsha neKaizer Chiefs.

Nakuba abaningi bebecabanga ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala wayefuna ukuhola imali engasamfanele, indlela adlale ngayo kule sizini ikhombisile ukuthi babeshaya eceleni ababemgxeka.

OLUNYE UDABA: Kuzomele silungise amaphutha enze sangangena kwi-top 8 - Manyisa

"Ngesikhathi ngiqala ukufika kwiSuperSport, ngathi ngifuna ukuwina izinto, ngangifuna ukufaka isandla empumelelweni yeqembu, indaba yobudala ayingikhathazi kanjalo nendlela engidlala ngayo,” kusho uLetsholonyane.

"Ngangivele ngazi ukuthi ngisangakwazi [ukudlala ezingeni eliphezulu] futhi ngangazi kahle ngisasalelwe yiminyaka embalwa emilenzeni yami.

"Kuphinde kwangisebenzela nokuba nomqeqeshi okholelwayo kimina ngaphandle kokubheka iminyaka yami.”

- Kickoff.com

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.