Abanjwa ngophondo amawele ayengenele olwama-Idols

2017-11-23 16:03

eThekwini - Sekuqubuke izikhalazo ngendlela uhlelo lwama-Idols luqhutshwa ngalo kanye nokucwaswa kwabansundu.

Lezi zikhalazo zivela ngemuva kokuwina kwentokazi uPaxton Fielies.

Le ntokazi ineminyaka engu-17 ubudala kanti yangenela lo mncintiswano ngesikhathi abama-Idols behambele amadolobha ahlukahlukene befuna umculi ozodla umhlanganiso kulo nyaka.

Njengoba kuwine le ntokazi yaseKapa, sekuvele kwaba muncu kubanye ababukele abakhala ngokungabi bikho kweqiniso ngendlela okwenzeka ngayo ngamawele axoshwa engenaphutha.

Ngonyaka ka-2013 linamawele amabili u-Anele noNeliswa Mxhakaza aseThekwini angenela lo mncintiswano futhi kwakubonakala ukuthi ayethandwa kakhulu futhi ecula kamnandi kusukela enza inhlolokhono yokucula aze adlulela esigabeni esilandelayo.

Yize ayecula kahle kakhulu lawa mawele futhi namajaji ayezisholo ngokwawo ukuthi likhulu ithalente kuwona, axoshwa ngomzuliswano wokukhetha abangu-16 abahamba phambili.

OLUNYE UDABA:Ubuhlungu benhliziyo obenze 'wayocasha' ohlulwe kuma-Idols

Ngokusho kwamajaji, lawa mawele axoshwa ngoba ayesemancane,16, ukuba angaqhubeka nalolu hlelo abona kungcono aqhubeke nesikole.

Umbuzo uthi yini eyayihlukile phakathi kwalawa mawele kanye noPaxton, kwazise naye yintokazi esencane futhi esafunda isikole.

Ungenele lo mncintiswano amajaji azi kahle ukuthi iminyaka yakhe mincane kodwa walithola ithuba eliphelele.

Ngo-2013 ngesikhathi abamaphepha bebuza ngalokho, owayekhulumela lolu hlelo ngaleso sikhathi uLani Lombard wathi:“Ukuhlehlisa isinqumo samajaji ngeke kubukeke kahle kubo bonke abantu ababambe iqhaza kulolu hlelo. Lokhu kungabukeka sengathi kukhethwa iphela emasini."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.