Abantu ababili bashe bangqongqa besemotweni

2016-07-06 08:31

Johannesburg - Abantu ababili bashe bangqongqa ngesikhathi iveni ebebehamba ngayo ivutha amalangabi ku-R34 ngaphandle kwaseNewcastle ngoLwesibili.

Ingozi enyantisa igazi yenzeke ekuseni ngabo-12.30.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring utshele iDaily Sun ukuthi bekungakacaci kahle ukuthi ingozi idakwe yini.

Funda nalolu daba: Kushone oyedwa kwalimala kanzima ingane

“Abosizo lokuqala be-ER24 kanye nabezicimamlilo bathole iveni ibheke phezulu eceleni komgwaqo. Ibisavutha,” usho kanje.

Kutholakale izidumbu ezimbili phakathi emotweni, ebesezingasabonakali ngenxa yokusha.

Okhulumela amaphoyisa aseKZN uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso kanti kuyaphenywa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.