Abantu abangalindeli ukuthi ngifane noMalema - Maine

2017-10-16 18:00

Tshwane – Umholi we-ANC Youth League (ANCYL) uCollen Maine uthi labo abagxeka indlela ahola ngayo lolu phiko bayehluleka ukuqonda izindlela eziningi ezikhona zokuhola umbutho.

Ekhuluma neNews24 ngesonto eledlule, ngaphambi kokuba kuphinde kube khona abazwakalisa ukuthi kumele ashenxe esikhundleni ngenxa yeminyaka yakhe yobudala, wathi vele akalindeleke ukuthi wonke umuntu amthande.

"Sihola uphiko ezikhathini lapho kukuningi okwenzekayo, kanti kwesinye isikhathi akubi lula," kusho uMaine.

Uthi kwesinye isikhathi kuke kwenzeke izinto ezikushiya ukhexile kuyona i-NEC ye-ANCYL.

OLUNYE UDABA: Amalungu e-ANCYL afuna 'ikhehla' elinguMaine lishenxe

"Ilungu le-NEC liyakwazi ukubhalela umholi wenhlangano incwadi evulelekile emphakathini. Umbuzo uthi, umisa kanjani esimweni esinjalo, uyalixosha ilungu noma uliqondisa izigwegwe?" kubuza uMaine.

UMaine uthe lolu phiko lunezimiso kanye nemithetho njengoba ilotshwe kumthethosisekelowayo - akekho onelungelo lokuzithathela izinqumo ezisusela ekhanda.

"UJulius Malema wayengumengameli ozikhulumelayo, bese kuba khona uNkanyezi [Malusi Gigaba] owayeyinto ehlukile kunoMalema, ngakho ngeke abantu balindele ukuthi nami ngizofana noMalema."

UMaine uthe uphiko luyazwela kakhulu njengoba i-ANC ingaphansi kwengcindezi.

"Ubuholi bethu bakhethwa ngesikhathi esinzima kakhulu," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.