Abantu babaleke bashiya amagilosa kusha izitolo eHarrismith

2018-03-07 11:00

eHarrismith -  Umsebenzi ubuqhubeka njengokujwayelekile enxanxatheleni yezitolo eHarrismith, eFree State, ngeSonto.

Isimo sishintshe ngokuphazima kweso sekuqubuka umlilo ezitolo ezintathu kule ndawo abantu babaleka bashiya amagilosa abebewathengile khona lapho.

Yize kunjalo, izakhamuzi zakule ndawo zisola sengathi kukhona umuntu othumele uvutha kulezi zitolo.

OLUNYE UDABA:Kushiswe umuzi wamaphoyisa amabili eKapa

Umthombo wephephandaba iDaily Sun ozibonele kwenzeka lesi sigameko uthe ubesetekisini ingakagcwali ngesikhathi ezwa abantu baphuma ezitolo bememeza.

"Umlilo uqale esitolo esisodwa washeshe wathungeleka nakwezinye ezimbili. Angikaze ngiyibone into efana naleya empilweni yami," kusho yena.

Abezicishamlilo babizelwe kule ndawo kukhona namaphoyisa, bakwazi ukucima lo mlilo ngemuva kwamahora ambalwa.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Mmako Mopiring uthe: “Okwamanje akukaqondakali ukuthi yini edale lo mlilo, kodwa uphenyo luyaqhubeka.

"Zintathu izitolo ezishe zangqongqa kodwa ngenhlanhla akekho umuntu olimalile."

Isangoma uMamoya Rakauoane uthe: “Uma umlilo ungadalwanga yinkinga kagesi, kungenzeka ukuthi kunempi phakathi kwabanikazi balezi zitolo. Noma mhlawumbe kunesisebenzi esasihlushwa kule ndawo ebesesizama ukuziphiniselela. Kumele igezwe leya ndawo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.