'Abantu banelungelo lokubhikisha ngisho kukhuluma uMengameli'

2016-08-07 09:38

Pretoria – Unobhala jikelele we-ANC uGwede Mantashe uthi bonke abantu banelungelo lokubhikisha, bazwakalise ilaka labo nganoma yini.

“Bonke abantu banelungelo lokubhikisha,” usho kanje kulandela umbhikisho onokuthula ogxeka izehlakalo zokudlwengula oqhubeke ngesikhathi uMengameli Jacob Zuma ethula enkulu yakhe ngesikhathi kukhishwa imiphumela ePitoli ngoMgqibelo.

“Akekho obamisile, lokhu kukhombisa izinga lentando yabantu kuleli. Lokhu kukhombisa inkululeko ekhona eNingizimu Afrika yokuthi ungabhikisha ngisho uMengameli ekhuluma.”

Abesifazane okukholakala ukuthi bangamalungu e-EFF basukume bephethwe izingqwembe ezibhalwe ukuthi “Remember Khwezi”, “khanga”, “I am 1 in 3” nolunye olubhalwe ukuthi “10 yrs later” ngesikhathi uZuma ekhuluma.

Funda nalolu daba: I-ANC ithi ixoxisana namaqembu amancane

Laba bebebhekise ecaleni lokudlwenula elalithweswe uZuma eminyakeni eyishumi eyedlule.

Isisulu sasaziwa ngoKhwezi kwabezindaba.

UZuma watholakala engenacala.

Laba besifazane bebesebenzisana ne-EFF etafuleni esikhungweni se-IEC ngesikhathi soketho.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.