Abantu bangakhuluma abakuthandayo - Benni

2018-03-02 16:00

Johannesburg - Umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy uthi abanye abaqeqeshi kwi-PSL banezizathu eziningi zokwesabela imisebenzi yabo kunaye.

ICity yehlele endaweni yesikhombisa kwilogi kulandela ukwehlulwa kwayo yiMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs, iBidvest Wits neBaroka FC imidlalo ilandelana.

Ukungenzi kahle kwabo kuza nengcindezi kodwa uMcCarthy uyakungabaza ukuthi umsebenzi wakhe usengcupheni njengoba sekubhekwe emaphethelweni esizini.

Nakuba kubukeka ingasekho embangweni wesicoco seligi iCitizens njengoba ilandela iSundowns ngamaphuzu angu-9 sekusele imidlalo engu-8, ezikaMcCarthy zisenalo ithuba lokuthatha isicoco seNedbank Cup.

OLUNYE UDABA: OwePirates uthi akayikhulumi kubadlali eyokuthatha eseligi

"Abantu bangakhuluma abakuthandayo, abangilethele noma yimuphi omunye umqeqeshi othe eqala ukuqeqesha, wenza izinto esengizenzile,” kusho uMcCarthy ngemuva kokwehlulwa ngo-2-0 yiBakgaga ePeter Mokaba Stadium maphakathi nesonto.

"Ngakho, hhayi ngoba ngibeka izaba, bakhona nabanye abaqeqeshi abafana noFadlu Davids [weMaritzburg United ] owenza kahle impela, kodwa akaqali ukuqeqesha. Mina ngiyaqala, kodwa ngikwi-top 8. Angikaze ngehlele ngezansi kwayo."

EzikaMcCarthy namhlanje ebusuku zizobhekana neChippa United eCape Town Stadium ngo-20:00.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.