Abantu baseMzansi sebehlupheka kakhulu kunango-2015

2017-05-25 11:00

Johannesburg – Iningi labantu baseNingizimu Afrika asebekhulile selihlupheka kakhulu manje okunangonyaka ka-2015, ngokocwaningo olwenziwe yibhange uStandard Bank.

UStandard Bank ukhiphe umbiko wawo wangonyaka ka-2016 ohlawumbisela imali engenayo kubantu ngoLwesithathu. Lolu cwaningo lukala ushintsho kwimali enganayo kubantu abasemazingeni ahlukene okuhola kusukela ngonyaka ka-2011. Iningi lemali engenayo (70%) itholakala ngamaholo. Lolu cwaningo luncike kubantu asebekhulile abaneminyaka esukela ku-15 kuya phezulu. 

OLUNYE UDABA: Sidonsa kanzima isitolo sefenisha sodumo esesehlelwa yinzuzo

Lo mbiko ukhombisa ukuthi imali engenayo kumuntu ngamunye yehle ngo-1.3% ngonyaka ka-2016. Lokhu kwehla kusuka emalini engu-R76 578 kuya ku-R75 541.

Kusukela ngonyaka ka-2011, imali engenayo kumuntu ngamunye isakhule ngo-0.4%.

Lokhu kwehla kwemali engenayo kubantu kudalwa nayisimo somnotho esingesihle kanti kubonakala kakhulu kuwo wonke amazinga okuhola kwabantu abahola imali engaphezu kuka-R12 700 ngonyaka, ngokusho kombiko.

Abantu abahola imali encane ephakathi kusuka ku-R0 kanye no-R12 700 banyukelwe imali enganayo ngo-2.2%. Kodwa-ke labo abahola kakhulu (abahola imali engu-R1.69m ngonyaka) sebeyahlupheka kunakuqala, njengoba imali engenayo kumuntu ngamunye isiyehle ngo-8.8% phakathi konyaka ka-2015 no-2016. Imali engenayo isiyehle ngo-30.6% kusukela ngonyaka ka-2011.

Ngaphezu kokwehla kwemali engenayo, okunye okuphinde kushaye kuzwele kubathengi ukunyuka kwamanani ezinto ezitolo okulokhu kuqhubeke njalo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.