Abantu bazwakalisa ukushaqeka ngokudlula emhlabeni kukaTsvangirai

2018-02-15 12:33

Johannebsurg - Akasekho emhlabeni umholi weqembu eliphikisayo eZimbabwe iMovement for Democratic Change (MDC), uMorgan Tsvangirai.

UTsvangirai ushone ngoLwesithathu ngemuva koxinwa yisifo somdlavuza isikhathi eside, kusho oweqembu.

UTsvangirai wamemezela ngo-2016 ukuthi odokotela bathola ukuthi unomdlavuza wamathumbu futhi useqalile ukwelashwa ngohlelo lwe-chemotherapy.

OLUNYE UDABA:UTsvangirai usebuyele kuleli ukuzothola usizo lwezempilo

"Kubuhlungu kimi ukumemezela ngokudlula emhlabeni kukaTsvangarai obesekuphele iminyaka eminingi elwisana nalowo obengumengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe," kusho u-Elisa Mudzuri, ongomunye wamasekela kamengameli we-MDC, kuTwitter.

Ukudlula emhlabeni kukaTsvangarai kuqinisekiswe yilungu le-MDC kwabezindaba i-AFP.

UTsvangarai uhambe emhlabeni eneminyaka engu-65 ubudala.

Ibamba lomholi we-MDC, uNelson Chamisa, uzwakalise ukushaqeka ngokudlula kwalo mholi emhlabeni.

UChamisa ube esethi kulindeleke ukuba inhlangano ibambe umhlangano namuhla (ngoLwesine), ukudingida inqubekelaphambili kulandela ukuhanjelwa yileli qhawe.

"Sizokhipha isitatimende."

Khonamanjalo, inyunyana iCongress of South African Trade Unions (Cosatu) ithe ibuhlungu ngokuzwa ngokudlula komholi weqembu eliphikisayo eZimbabwe i-UDM, uTsvangirai.

Iqembu lezepolitiki i-EFF lona lidlulise amazwi enduduzo kulandela ukuzwa lezi zindaba.

 - Twitter:

 - TimesLive

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

5 scientific benefits of owning a cat

According to science, just the act of watching cats itself can bring about positive emotions – so it comes as no surprise then, that owning a cat has a number of benefits.

 

Paws

Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
How to clean your dog’s eyes
This special pooch inspired his brother to learn to stand again
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.