Abanye futhi onogada abakhala ngokungaholelwa e-KZN

2017-02-16 16:01

Durban - Abasebenzi benkampani, iControl Risk Group (CRG), okuyinkampani yonogada esebenza ngaphansi kukaMasipala uMhlathuze ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, bathi babhekene nezinkinga emsebenzini.

Laba basebenzi bathi abayitholanga injabulo ngoDisemba kanti futhi nangoJanuwari abakwazanga ukufaka izingane ezikoleni, ngenxa yokungaholelwa ngesikhathi.

Omunye wabasebenzi okhulume neZindaba24, uthe bagcine ukuholelwa kahle ngoNovemba, kanti ngoDisemba abazange baholelwe, baze baholelwa ngoJanuwari 9.

“Besilindele ukuthi ekupheleni kukaJanuwari sizophinde siholelwe, sesiholela wona uJanuwari, ngoba ngoJanuwari 9 besiholela uDesemba. Kodwa sizwe sekuthiwa sizoholelwa phakathi nenyanga kaFebhuwari. Asazi kwenzakalani,” kusho isisebenzi eligodliwe igama laso ukuze sivikeleke emsebenzini.

Imenenja yenkampani, uSbusiso Mabika, ithi kungamanga ukuthi abasebenzi abaziswanga ngezinguquko zezinsuku zokuhola.

“Abasebenzi sabazisa ngalokhu, saze sakhuluma nenyunyana ngoba umasipala washintsha uhlelo lokukhokha, sangabe sisakwazi ukukhokhela abasebenzi ngesikhathi esifanele ngoba futhi sinenkontikela eyodwa enkulu.

“Kodwa le nkinga bekuyinto yesikhashana njengoba ngoMashi abasebenzi bazobe sebeholelwa ekupheleni kwenyanga njengokujwayelekile,” kusho uMabika.

OLUNYE UDABA: Abaphoqiwe 'onogada' ukuba baqhubeke nokungisebenzela - Isikhulu

Inyunyana nokho iyakuphika konke lokhu okushiwo uMabika, njengoba ithi inkampani ayizange ibazise abasebenzi ngezinguquko.

Inyunyana yabasebenzi i-National security and unqualified workers union (Naswu) ithi kumanje isifake icala e-CCMA ngenxa yokuthi le nkampani yenza izinguquko ngaphandle kokuxoxisana nabasebenzi.

“Inkampani ikhuluma amampunge ngoba ayizange ixoxisane nabasebenzi futhi ayisayikhulumi indaba yamabhonasi abasebenzi abangawatholanga ngoDisemba," kusho uSbusiso Mhlanga onguMgqugquzeli kule nyunyana.

“Sithole nokuthi abasebenzi babanjelwa i-provident fund kodwa inkampani ayikho imali eyifaka esikhwameni.

“Abanye babasebenzi baxoshwa kodwa ngokuhamba kwesikhathi babuyiselwa emsebenzini, Ngesikhathi befaka izicelo zokuthola i-provident fund, kwavela ukuthi ayikho imali esesikhwameni.

“Enye inkinga evelile eye-UIF, abanye abasebenzi bayabanjelwa yona kanti abanye ababanjelwa," kuqhuba uMhlanga.

Uthe kubasebenzi ababexoshiwe base bebuyiselwa emsebenzini, kukhona kubona abasahola i-UIF beqhubeka kodwa nokubanjelwa, nokuyinto athi iphambene nomthetho.

“Lokhu kusho ukuthi inkampani ayizange isho eMnyangweni wezabaSebenzi ukuthi abasebenzi sebebuyiseliwe emsebenzini. Ngakho inkampani ifaka imali eyibambela abasebenzi ayingeni esikhwameni se-UIF," kuphetha uMhlanga.

UMhlambi ngesikhathi esethintwa ngalezi zinsolo zenyunyana, uthe lolu udaba olubucayi kakhulu, ngeke akwazi ukuphawula ngoba akagunyaziwe ukukhuluma ngalo kanti nabantu abangakhuluma ngalo abekho emsebenzini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.