"Abaphansi bafuna iPizza"

2016-07-05 17:31

Johannesburg - UNokwanda Gotywa oneminyaka engu-42 ubudala uthe wavakashelwa omkhulu abahlanu abagqoke amajazi amanyama amade emzini wakhe ngesonto eledlule.

Labo mkhulu babefuna ukudla. Lo wesifazane wayecabanga ukuthi uphupha kabi.

Kwaphela isonto elilodwa impilo kaNokwanda yabheka phezulu.

OLUNYE UDABA: Bagxeka eyesiphandla sikaMalinga-Umbono

UNokwanda ukhathazekile ukuthi okhokho bakhe abathukuthele bayamlandela.

UNokwanda waseBhongweni eMthatha uthe: "NgoLwesihlanu ngezithuba zabo-05:00 ekuseni wavuka ekuseni walungiselela ukuya emsebenzini.

"Ngesikhathi ngingena egubhini lokuphuluma ngashaqeka ngifica omkhulu abahlanu begqoke amajazi amade amanyama."

Oyedwa walabo mkhulu wamtshela ukuthi bangokhokho bakhe futhi bacela ukudla, kusho uNokwanda.

"Ukumemeza kwami kwavusa umyeni wami nendodana yami kwathi sebezobheka ukuthi kuqhubekani labo mkhulu basebehambile.

"ukuvakasha kwalabo mkhulu kwangihlupha usuku lonke kanti umyeni wami wathi asibonane nesangoma"

Isangoma samtshela ukuthi akabenzele utshelwa besizulu, ibhokisi likamentshisi, izithelo.

"Isangoma sangitshela ukuthi angikushiye ngemuva kwesicabha sasekhishini ebusuku.

 ""Ngakwenza konke engakusthelwa yisangoma kodwa ngosuku olulandelayo ngashaqeka ukufica isizulu sisekhona nokunye engangikwenzile.

"Ngathola isiqeshana sephepha esibhalwe umyalezo "Susin*ela, sifuna ipizza. Ngaphinde ngabiza isangoma sathi asikaze siyibone into enje. Sanginika imali yami."

"Esinye isangoma sathi uma abaphansi bethi bafuna ukudla basuke bengasho ukudla kwangempela.

"Bekufamele kuhlatshwe imbuzi emhlophe hhai izithelo lezi enabapha zona.

UNokwanda uthe umndeni wakhe uthe angeke usenza luhti uze uthole isangoma esiqinile kulolu daba.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.