Abaphoqiwe 'onogada' ukuba baqhubeke nokungisebenzela - Isikhulu

2017-02-15 07:32

Durban - Isikhulu senkampani yodogada esolwa ngokungabakhokheli abasebenzi ngesikhathi, sithi abasebenzi bakhuluma amanga.

UPreggie Vandayar, weVan Damme Security, uthi nakuba izingqinamba zibakhona kodwa akalenzi iphutha kushaye umhlaka-15 engabakhokhelanga abasebenzi bakhe.

“Ngize ngiboleke izimali ngizama khona ukuthi ngikhokhele kahle abasebenzi,” kusho uVandayar kwi-email asithumelele yona.

UVandayar usho kanje kulandela izinsolo ezibekwe ngabanye babasebenzi bakhe ngesonto eledlule zokuthi sebephila ngezikweletu, futhi sebehlala bebalekela abantu ababakweletayo ngenxa yokuthi abakhokhelwa ngesikhathi emsebenzini, imali basuke benganayo.

OLUNYE UDABA: 'Iphini indoda enengqondo engalala nengane ena-9?'

Abanye babasebenzi bebesola inkampani nangokubanqabela ukubanikeza ama-payslip, bethi bayabuzwa ukuthi bazowenzani, okuyinto ayiphikayo uVandayar.

“Esikwenzayo ukuthi siyababuza ukuthi bazowenzani ama-payslip ngoba sisuke sifuna ukubanikeza ama-payslip ezikhathi ezifanele, njengawezinyanga ezintathu uma befuna ukuboleka imali.”

Lesi sikhulu siphinde sathi uma abasebenzi bengagculisekile ngokwenzeka kule nkampani, abaphoqiwe ukuba baqhubeke nokusebenza.

“Uma kukhona isisebenzi esingajabulile ngokungisebenzela kungakuhle ukuba wena usifunele umsebenzi ukuze sondle umndeni waso ngalesi sikhathi esinzima kwezomnotho. Akukho okuphambene nomthetho engikwenzile,” kuphetha uVandayar.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.