Abaqwayizi baseSunnyside bawaqedile amadoda bewaqola

2017-06-15 19:28

Pretoria -Maningi amadoda aseqolwe yiqulu lezigebengu elisebenza nabaqwayizi endaweni yaseSunnyside ePitoli.

Kuthiwa laba baqwayizi bayingxenye yemigulukudu egebenga abantu kanti namaphoyisa asebophe abasolwa abambalwa abayingxenye yale migilukudu.

Amaphoyisa aseSunnyside athi alishoni ilanga kungafikanga izisulu ezikhala ngokugetshengwa omakhalekhukhwini, imali ngisho nezimoto imbala ngesikhathi bezitika nabaqwayizi.

Ezinye izisulu ziphelela ezibhedlela nasezindaweni ezingazi ukuzi zifike kanjani kuzona ngemuva kokupha iziphuzo ezidakayo ezithakwe ngezidakamizwa.

OLUNYE UDABA:Abaqwayizi bakwethulela ithiphu entsha yocansi

Okhulumela amaphoyisa uDaniel Mavimbela uthi amaphoyisa athuka kabi ngecala elavulwa owesilisa oneminyaka engu-54 ohlala eSandton owagetshengwa imali engaphezu kuka-R190 000 ngoMashi ngemuva kokuhlaselwa amadoda angaziwa emsola ngokulala nentombi yawo.

Lawa madoda avelela isisulu egumbini elithile athatha amakhadi akhe, afuna iphini kanye nezikhiye zemoto bazitika ngemali yakhe ezitolo.

Amaphoyisa axwayisa amadoda azibandakanya nabaqwayizi ukuthi baqaphele izindawo abazithokozisa kuzo futhi baqinisekise ukuthi bavikelekile, kubika iThe New Age.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.