Abaqwayizi bashaye bachitha nemoto yentombi yekhasimende

2017-06-05 19:33

Pretoria - Abaqwayizi ababili bagebenge ikhasimende babaleka nemoto yentombi yohlobo lweToyota Yaris.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Daniel Mavimbela uthe owesilisa oneminyaka engu-28 ubudala uthathe abesimame ababili ngoLwesihlanu ntambama ekhoneni likaHamilton noStanza Bopape ePitoli.

"Kuthiwa lo wesilisa uhambe nalaba eya ebhodlela sitolo eyothenga utshwala. Kusukela lapho kuthiwa uvele waquleka lo wesilisa waphaphama eMamelodi," kusho uMavimbela.

Lo mlisa ubikele amaphoyisa ukuthi laba besimame badune le moto nazo zonke izinto zakhe.

"Le moto ingeyentombi yalo mlisa futhi bekunezinto zalo mlisa phakathi," kuqhubeka uMavimbela.

Kuthiwa ngo-2015, lo mlisa walahlekelwa yimoto yakhe yohlobo lwe-VW Polo esigamekweni esifanayo lapho athatha khona abaqwayizi maphakathi nedolobha lasePitoli.

OLUNYE UDABA:Isalukazi sebenzisa umuzi waso njengendawo yokusebenza abaqwayizi

"Esigamekweni sokuqala lo mlisa wayehamba nalaba baqwayizi ngesikhathi ezizwa enesiyezi. Waphuma emotweni ethi uyoshaywa wumoya kancane. Kusenjalo omunye wabaqwayizi wagxuma wahlala esihlaweni sakhe washaya wachitha nemoto yakhe.

"Lo mlisa usola ukuthi ufakelwe izidakamizwa esiphuzweni sakhe, futhi usola ukuthi kwenziwa okufanayo esigamekweni sokuqala," kusho uMavimbela.

Amaphoyisa asaphenya womabili amacala kanti akukaboshwa muntu, kubika iThe Citizen.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.