Abasakazi abayizintandokazi balaxaze isiteshi

2017-05-21 11:03

Durban -ILANGA LangeSonto lithole emithonjeni yalo ethembekile ukuthi iGagasi FM, okuyisiteshi esizinze eMhlanga enyakatho yeTheku sishiywa ngabethuli bohlelo lwantambama.

Ngokusho komthombo osondelene kakhulu nesimo upotshozele leli phephandaba ukuthi uThandolwethu Ngidi noTrevor Phillips abethula uhlelo i-Afternoon Show Off phakathi nezinsuku kulesi siteshi sebefudukela esiteshini esingumakhelwane iVuma FM.

Laba basakazi sebeqede iminyaka besakaza lolu hlelo futhi belandelwa kakhulu ngabalaleli ngenxa yezihloko ezihlabahlosile abazidingida kulolu hlelo.

UThandolwethu useke wasebenzela i-East Coast Radio kanti uTP useke wasebenzela iMr Price Radio.

Phambilini ake avela amahlebezi okuthi laba basakazi nabanye bagaqelwe yiVuma FM.

OLUNYE UDABA:UBonang uphoxe abasakazi boKhozi - Umbiko

Umthombo ongaphakathi kwiGagasi uthi lesi siteshi sigqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokuhamba kwalaba basakazi.

UTee van Heerden oyiMarketing Manager kwiVuma FM uthe angakuqinisekisa ukuthi lukhona ushintsho abazoba nalo emoyeni kusuka mhla lulunye kuNtulikazi kulo nyaka. "Ngingakuqinisekisa ukuthi sisezingxoxweni nabasakazi  abaseziteshini ezahlukene ezweni lonke abatshengise intshisekelo yokuba yingxenye yeVuma FM.

"Uma sesiphothulile ngezinguquko sizobe sesibikela abezindaba nomphakathi," kuphetha yena.

UKhulekani Shandu oyiMarketing Manager kwiGagasi FM uthe ngeke akwazi ukuphumela obala ngezinguquko ezikhona okwamanje kuze kuba bakhipha isitatimende kwabezindaba ngesonto elizayo. 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.