Johannesburg - Izinkinga zezimali enkulisa eseBrits eNorth West sezenze ukuba abasebenzi balahle phansi amathuluzi kwaphoqeleke ukuba umnikazi wayo ayivale.
Ngesikhathi abazali befika enkulisa iPinky Ponky Day Care and Pre-school ngoLwesithathu ekuseni beyoshiya izingane zabo bafice amasango evaliwe kungekho nane saziso.
OLUNYE UDABA: Bafuna izimpendulo abazali ngesigameko sokushona kwendodakazi enkulisa
"Sifike ekuseni safica unogada wathi asivumelekile ukushiya izingane zethu. Umnikazi ukhiyele ngaphandle izingane wanqaba ukuphuma ezokhuluma nathi singabazali," kusho omunye wabazali okhathazekile.
Abasebenzi bakule nkulisa bathe angeke besakwazi ukusebenzela umnikazi wenkulisa njengoba sekuphele izinyanga ezintathu zilandela engabaholeli.
U-Alice Botha okuthiwa ungumikazi wenkulisa akazange aziphendule izingcingo nemiqhafazo abeyithunyelelwa.
- Timeslive
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter