Abashayeli abahambele kude nedolobha njengoba kunesiteleka

2018-04-25 11:04

Johannesburg - Siyaqhubeka isiteleka sezinkulungwane zabasebenzi edolobheni laseGoli abayingxenye yemashi ehlelwe yiSaftu.

Le nyunyana imemezele kusenesikhathi ukuthi kuzoba nokhukhulelangoqo wesiteleka ezweni lonkana njengoba bekhala ngokucindezelwa kwabasebenzi.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseGoli uWayne Minnaar uxwayise abashayeli ukuba bagweme ukuhambela edolobheni namuhla.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe isosha ngokugebenga ibhizinisi eLimpopo

"Sinxusa abashayeli bezimoto ukuba bagweme ukuhamba edolobheni phakathi kuka-10 ekuseni kuya ku-15:00 ntambama ukuze bavikeleke," kusho yena.

Kuqinisekisiwe ukuthi bangu-7 000 abasebenzi abayingxenye yalesi siteleka.

Kanti nenhlangano iRight2Know Campaign iveze ukuseseka lesi siteleka esihlelwe yile nyunyana ibambisene nezinye izinyunyana zabasebenzi ezweni lonkana.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.