‘Abashayeli abangatatazeli, ngeke uphele uphethiloli’

2016-07-28 16:00

Cape Town - IShell South Africa ithi yenze amalungiselelo okuqinisekisa ukuthi ugesi awushodi kulandela ukuthi izinkulungwane zabasebenzi zibeke phansi amathuluzi kulo mkhakha.

IChemical, Energy, Printing, Wood and Allied Workers Union (Ceppwawu) ingene esitelekeni kulandela ukungaboni ngasolinye ngodaba lwamaholo, kubika i-Eyewitness News.

Inyunyana ifuna abasebenzi banyuselwe amaholo ngo-9%, nokho umqashi ubeke u-6.5% etafuleni.

OLUNYE UDABA: Abashayeli baxwayiswa ngokuthi bagcwalise uphethiloli

USihlalo weShell SA uBonang Mohale uthe: “Ngebhadi izingxoxo zifinyelele kwangqingetshe, kepha silungiselela omunye umsebenzi.

“Sinxusa abashayeli ukuthi bangatatazeli okwamanje ngoba uphethiloli usamningi la uqhamuka khona.”

Isiteleka sabantu abasebenza emagalaji siqale ngoLwesine, kanti izinyunyana zithi kuzophela izinsuku ezintathu uphethiloli ungasekho emagalaji.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.