Abashayeli bazongena bajule emakhikhini bekhokhela ama-Toll Gate

2018-04-06 19:30

eThekwini - Kusukela ngesonto elizayo, abashayeli bezimoto bazothwala umthwalo ongeziwe njengoba kulindeleke ukuba kunyuke imali ekhokha kuma-toll ezweni lonkana.

Lezi zinguquko zagunyazwa wuNgqongqoshe wezokuThutha uDkt Blade Nzimande, futhi zizoqala ukusebenza ngoLwesine mhla zingu-12 kwephezulu.

Ngokwesitatimende esikhishwe ngabe-SA National Roads Agency (SANRAL), lezi zinguquku zihambisana nemigomo ye-Consumer Price Index (CPI) kulezi zinyanga ezingu-12 ezizayo kanti futhi kuzokwengeza ne-VAT ezokuba ngu-15%.

OLUNYE UDABA: UCele kanye nezikhulu zamaphoyisa baphuthume eMooi River Toll Plaza

Lezi zinguquko zizosebenza ku-N3 phakathi kweGoli neTheku, ku-N4 phakathi kwemingcele yaseMozambique naseBotswana nakuyo yonke imigwaqo enama-toll u-N1, N2, N17 kanye no-R30.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.