Abasifazane bakuleli babhuqwa yindlala yocansi - Ucwaningo

2017-07-21 07:01

America - Ucwaningo lwamazwe wonke lutshengisa amazwe anabesimame abanelisekile ngokocansi kanye namazwe lapho abesimame bebhuqwa khona yindlala yocansi.

Abesimame baseNingizimu Afrika yibona abasemsileni ngokweneliseka, kubika iTrue Love.

Lolu cwaningo olwenziwa ngabe-VictoriaMilan, okuyinkundla okujola kuyo abantu abashadile nalabo abanophathina, abasuke befuna ukuthola omakhwapheni.

Ucwaningo lwenziwa kwabesimame abalinganiselwa ku-6 117 abayingxenye yale nkundla lapho kuvele khona ukuthi amadoda abo azama ngakho konke okusemandleni ukubenelisa.

Uhlu lwabesimame abanelisekile ekamelweni ngokwamazwe abo lumi kanje:

IDenmark, leli yikhaya labesimame abanenhlenhla yokuba namadoda anomdlandla futhi alalelayo. Kuthiwa kuleli lizwe amadoda achitha imizuzu engu-44 namakhozikazi awo uma kwenziwa inkonzo ezama ukuqinisekisa ukuthi aneliseka ngayo yonke indlela.

I-United States, lapha kuthiwa abesimame bathola imizuzu engu-41 yentokozo ekamelweni, amadoda ezama ngazo zonke izindlela. Kuthiwa abesimame baseMelika bathembekile emadodeni abo.

IFinland, lapha amadoda akuleli lizwe achitha imizuzu engu-39 ezama ukwanelisa amakhosikazi awo. Kuthiwa abesimame bakuleli babalwa njengabahamba phambili ngobuhle.

ICanada, amadoda namakhosikazi akuleli awathandi ukukhuluma ngokwenzeka ngasese kodwa kuthiwa inkonzo iba yimizuzu engu-39 kanti abesimame abakhulumayo abawuvali umlomo ngokwenziwa ngamadoda ngasese.

Amadoda aseSweden nawaseNorway wona achitha imizuzu engu-33 ekamelweni. Kuthiwa abesimame abangama-Scandinavian bakhululekile futhi bahlezi banomdlandla wocansi.

Amadoda ase-United Kingdom, aphatha amakhosikazi awo njengezindlovukazi kanti nawo athatha imizuzu engu-33 enza ezibukwayo ekamelweni kanti futhi awaphumuli amakhosikazi engakafiki kuvuthondaba.

EGermany nase-Czech Republic, amadoda alakula mazwe azi kahle ukuthi uma engawajabulisi amakhosikazi, azolala ezigoqile ngakho-ke imizuzu engu-32 ayichitha esebenza kanzima ukukhumbuza amakhosikazi isizathu sokuhlala ethembekile.

Amakhosikazi aseNingizumu Afrika wona athi athola imizuzu angu-15 nje kuphela yentokozo ekamelweni, lapha amadoda asuke ezama ukufikisa amakhosikazi kuvuthondaba. 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.