Abasolwa abane begebenge i-strip club eKapa

2017-09-10 11:30

Cape Town – Amadoda amane ahlomile agaseke ekilabhini yobunqunu edumile endaweni yaseBellville egqoke imifaniswano yamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe saseWestern Cape uSergeant Noloyiso Rwexana uthe lokhu kwenzeke ngoLwesihlanu.

"Kuvulwe icala lokugebenga ngalesi sigameko esenzeke kuleli bhizinisi elisemgwaqeni uRaglan eBellville," kusho yena.

Uthi ngokwemibiko abayitholile, laba basolwa bangene kule ndawo basabisa umnikazi wendawo babaleka nesamba semali engaziwa.

OLUNYE UDABA:Kugetshengwe isikhulu samaphoyisa emzini waso

Imithombo ekule ndawo ithi abasolwa bebegqokise okwamaphoyisa kanti futhi bagebenge nabantu abebekhona kule ndawo bebathathela omakhalekhukhwini nenye impahla ebizayo.

Akukaboshwa muntu okwamanje kodwa uphenyo lusaqhubeka.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.