Abasolwa abangu-10 baqhumise imoto yemali

2017-08-21 18:01

Johannesburg - Abasolwa abayishumi baqhumise imoto yemali eBenoni babaleka nesamba semali esingadalulwanga ngoMsombuluko ekuseni, kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe, uColonel Lungelo Dlamini, utshele iNews24 ukuthi ngemuva kwezithuba zabo-09:00, abasolwa bashayise imoto yemali phakathi kwemigwaqo u-Apex noMain Reef Road.

Basebenzise iziqhumane ukuze bezokwazi ukuvula isisefo semali, bakwazi nokuthatha isamba semali esingadalulwanga.

OLUNYE UDABA:Kulimale unogada kubanjwa inkunzi imoto yemali eThekwini

UDlamini uthe abasolwa babaleke endaweni yesigameko ngezimoto ezimbili, okungezohlobo lwe-BMW neMercedes.

UDlamini uthe akekho umuntu olimalile kulesi sigameko, amaphoyisa asendaweni yesigameko ayaphenya.

Akukaboshwa muntu okwamanje.

Amaphoyisa acela noma ngubani onolwazi ngesigameko axhumane nawo kuCrime Stop enombolweni ethi-08600 10111.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.