Abasolwa abebezenza abathengi babulale obedayisa umuzi wakhe

2017-09-21 16:00

Durban - Owayenguthisahnhloko esikoleni iSouthlands Secondary School, uGona Pillay, utholakale edindilizile enamanxeba okugwazwa emzini wakhe okuSilverglen Crescent.

Abenkampani yonogada iBlue Security bathole ucingo lomuntu obezwakala ethukile lushaywa ngumuntu obekulo muzi ebusuku ngo-19:15.

Ngokubika kwephephandaba i-Rising Sun Chatsworth uPillay nomyeni wakhe uLoga bahlaselwe amadoda abehlomile ezenza abantu abafuna ukuthenga umuzi walaba bashadikazi osendalini.

OLUNYE UDABA:Sisenkantolo isalukazi 'esikhothisa' izingane isitho sangasese

UPillay ugwazwe amanxeba ambalwa emhlane nasentanyeni washonela egumbini lokugezela.

Umyeni wakhe naye ugwaziwe kodwa ngenhlanhla ukwazile ukuzihudula wacindezela inkinobho ye-alamu ukuhlaba umkhosi.

Abezimo eziphuthumayo bafike bahlenga laba bashadikazi bathola ukuthi unkosikazi usehonile, kanti indoda yona isaphila yize isesimweni esibucayi.

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane uthi abasolwa basagcwele amathafa kanti kucelwa onolwazi ukuba athinte amaphoyisa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.