Abasolwa babaleke nemali begebenga uPick ‘n Pay

2017-08-18 14:01

Port Elizabeth - Amadoda angaziwa ebe isisefo semali, abaleka ngetekisi yohlobo lwe-Quantum, ngokusho kombiko.

Kuthiwa abasolwa abane bagasele esitolo sakwa Pick ‘n Pay, eLinton Grange, ePort Elizabeth kusanda kuvulwa ngoLwesihlanu ekuseni.

UCaptain Johan Rheeder okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uthi kulaba basolwa abane ababili kubona bebehlomile ngesikhathi bengena kulesi sitolo sisanda kuvulwa.

OLUNYE UDABA:BUKA: Izigebengu zihamba ngonyanyavu lwemoto 'ziyoganga'

Abasolwa abazange badubule kodwa babaleke nesisefo semali.

“Amaphoyisa athole leli tekisi labasolwa egalaji lakwaShell kanti okwamanje asalandela umkhondo wabasolwa,” kusho uRheeder.

Akukaboshwa muntu okwamanje kodwa uphenyo lusaqhubeka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.