Abasolwa ngokudlwengula ematekisini kulindeleke bavele enkantolo

2017-10-06 07:38

Johannesburg – Abasolwa abahlanu abamataniswa namacala angu-13 okudlwengula nokubamba inkunzi ematekisini eGoli ngoMashi kulindeleke bavele ezinkantolo ezahlukene ngenyanga ezayo.

Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kuka-24 no-35 ubudala, kulindeleke bavele ngokwahlukana enkantolo yaseKliptown, eyaseProtea kanye neyaseGoli, kanti bamataniswa nezigameko ezingu-13 kwezingaphezu kuka-20 okuphenywa ngazo, ngokusho kwesitatimende.

Ithimba elisebenza ngokuzimisela elaqokwa ukhomishana wamaphoyisa eGauteng lilandela imikhondo, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Lungelo Dlamini.

OLUYE UDABA: Kugwetshwe iphoyisa ngokugwazelwa

UDlamini uthe esitatimendeni ithimba liphinde lathola ukuthi izigameko eziyisithupha zokudlwengula ezenzeka eMoroka, enkabeni yeGoli, eBooysens naseKliptown kungenzeka ukuba zenziwa ngumsolwa oyedwa kanti balandela imikhondo ukumthola.”

Umsolwa oyedwa omataniswa namacala amabili nowaboshwa ngoJuni kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eProtea eSoweto, ngomhlaka 18 kwephezulu.

Amaphoyisa akhiphe umehlokaboni ozonokwa onemininingwane engaholela ekuboshwe kwabasolwa abasagwele izinkalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.