Abathandi bebhola bazoyithokozela imititilizo yokuvotela ama-PSL Awards

2017-06-27 07:01

Durban - Kungokokuqala ngqa ukuthi i-Absa Premiership, ivulele umphakathi amathuba okuvotela umdlali oshaye igoli elidle umhlanganiso kule sizini.

Amathuba okuvota esevuliwe kanti abathandi bebhola likanobhutshuzwayo bangangena ku-www.PSL.co.za kungakashayi umhlaka-5 ku-Julayi ukuze bavotele igoli elibahlabe umxhwele.

Kukhethwa kanjani:

Isizini ka-2016/17 kube yisizini emnandi kakhulu abadlali bebhola bebebukisa ngamagoli amahle abebewashaya kodwa lilodwa igoli ebelihamba lodwa nelizodla umhlanganiso.

Uyayikhumbula into eyenziwa ngunozinti weBaroka FC u-Oscarine Masukule enza ezibukwayo imizuzu isiphelile? Uthini ngamagoli amabili ashaywa wuSimpiwe Tshabalala? Ungabi nomona wenze sengathi awuyikhumbuli into eyenziwa wuMxolisi Kunene ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

Lawa kanye namanye amagoli amane yiwona akhethwa njengamagoli ahambe phambili kulezi zinyanga ezedlule.

Abathandi bebhola bazozikhethela abakuthandayo bashiye abangakuthandi kodwa uyedwa umanqoba ofunekayo ngoba iyodwa indondo ekumele ithathwe.

OLUNYE UDABA:Asemenyezelwe amagama abadlali abaphakanyiselwe ama-PSL Awards

Imititilizo yabalandeli abazovota:

U-Absa, ungomunye wabaxhasi abahamba phambili ku-Absa Premiership, futhi uyena ohola lo mncintiswano.

Leli bhange ligqugquzela abathandi bebhola ukuthi bavote kakhulu bazibeke ethubeni lokuthola amathikithi ezicukuthwane emcimbini wezindondo ze-PSL ozoba ngomhlaka-10 Julayi eSandton Convention Centre, eGoli.

Umlandeli ozowina uzothola nethuba lokunikezela ngale ndondo kumdlali okhethwe nguyena.

Naba abadlali ongakhetha kubona:

·         Agasti/Septhemba:  Marc van Heerden (Chippa United) v Baroka FC

·         Okthoba:                      George Lebese (Kaizer Chiefs) v Ajax Cape Town

·         Novemba:                  Oscarine Masuluke (Baroka FC) v Orlando Pirates

·         Disemba:                  Percy Tau (Mamelodi Sundowns) v Free State Stars

·         Febhuwari:                     Siphiwe Tshabalala (Kaizer Chiefs) v Free State Stars 

·         Mashi:                                    Mxolisi Kunene (Baroka FC) v Kaizer Chiefs

·         Ephreli:                           Siphiwe Tshabalala (Kaizer Chiefs) v SuperSport United

·         Meyi:                            Lerato Lamola (Golden Arrows) v Orlando Pirates

Indlela yokufaka ivoti lakho:

1. Ngena ku-www.PSL.co.za ubheke phezulu ngakwesokudla lapho kuvezwe khona igoli lesizini

2. Ngena kulelo khasi ugcwalise lelo fomu (kudingeka igama nesibongo)

3. Faka ivoti lakho

4. Ngokwenza njalo uzobe uzibeke ethubeni lokuthola amathikithi e-VIP Experience emcimbini wama-PSL Awards.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.