Abathathu babhekene nelamanga mayelana nokudunwa kweloli lotshwala

2017-09-09 13:29

Uitenhage – Amadoda amathathu aboshiwe ngemuva kokuqamba amange bevula icala lokudunwa kweloli eliphethe utshwala.

Lawa madoda avule icala ngoLwesihlanu esiteshini samaphoyisa e-Uitenhage.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Majola Nkohli uthe uphenyo lwabo lokuqala luveze ukuthi umshayeli weloli kanye nomsizi wakhe bahlangane nomnikazi wethaveni eseKirkwood bakha leli tulo.

OLUNYE UDABA:'Ngaphenduka isiboshwa emzini wami, ngiyeka utshwala'

Laba bakhiphe utshwala babufaka kule thaveni ngaphambi kokuba bashise iloli.

“Amaphoyisa athole iloli elishile ngaseWolwefontein. Icala livulwe emini ngo-12h00 kanti abasolwa baboshwe ngo-14h00 emini," kusho uNkohli.

Laba baboshwe wuphiko oluphenya ngamacala okudunwa kwezimoto kulesi sifundazwe ngemuva kokuthola isitoko sotshwala ethaveni.

Lawa madoda aseminyakeni ephakathi kuka-22 kuya ku-54 ubudala azovela enkantolo kaMantshi e- Uitenhage ngoMsombuluko.

Magistrate's Court on Monday, 
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.