Abavukuzi baseMarikana bathi inzima impilo

2016-08-16 12:30

Marikana – Bakhala ngokudonsa kanzima abavukuzi baseMarikana ababesebenza eLonmin, kusukela kwenzeka isibhicongo sango-2012 lapho kwabulawa khona abavukuzi abangu-34.

Umvukuzi waseLonmin, uZanovuyo Gobityala, osesebenzele le mayini iminyaka engu-8, uthi impilo isinzima kakhulu kusukela amaphoyisa abulala ozakwabo.

“Indawo esihlala kuyona iyadabukisa. Ngibeka impilo yami engcupheni njalo uma ngiya emathunjini omhlaba. Ngizimisele ukufela umndeni wami inqobo nje uma ngikwazile ukuthola amasenti nawo walala udlile.”

OLUNYE UDABA: Marikana - Umvukuzi wahlasela iphoyisa

UGobityala uthi uzikhumbula kahle izinsuku ezaholela ekubulaweni kwabavukuzi ngo-Agasti 2012.

“Namanje abanye bethu abakwazi ukulala kahle ebusuku ngoba sicabanga abafowethu abasishiya kabuhlungu. Angithandi ukukhuluma ngale nto ngoba ngizovele ngikhale,”esho etshela iNews24.

Namhlanje kubungazwa iminyaka emine kwabulawa abavukuzi ababesesitelekeni befuna ukuhola imali eqala ku-R12 500.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.