‘Abavukuzi bayazithandela ukuhlala emijondolo’

2016-08-18 07:30

Johannesburg – Abavukuzi baseLonmin, eMarikana, abayifuni imizi bayathanda ukuhlala emijondolo, lokhu kushiwo okhulumela imayini uSue Vey etshela iNews24. 

UVey ubephendula umbiko we-Amnesty International ochaza ngokuthi le mayini isahluleka namanje ukuhlinzeka abavukuzi ngendawo yokuhlala enesithunzi.

Lo mbiko uveza ukuthi babalelwa ku-20 000 abavukuzi abasebenzela iLonmin, izimpilo zabo ezingakashintshi.

Lokhu kuyize inkantolo yakhipha umyalelo wokuthi le nkampani kumele yenze izinhlelo zokwakhela izisebenzi imizi.

Nokho-ke uVey uthe isizathu sokuthi inkampani ingazakhi izindlu yingoba “abavukuzi abaningi bakhetha ukuhlala emijondolo”.

OLUNYE UDABA: Abavukuzi baseMarikana bathi inzima impilo

"Sathola ukuthi izisebenzi zethu azizifuni izindlu, zifuna ukubuyela emakhaya yingakho zakhetha ukuhlala emijondolo,” esho.

UVey uphinde wathi esinye isizathu ukuthi imayini ayiyinhle kahle ngasezimalini yingakho ihluleka ukuhlangabezana nezidingo zabavukuzi.

Uthe abanye abavukuzi bahlala emahostela kanti abanye bathola isibonelelo sendawo yokuhlala.

“Bayazikhethela bona ukuthi bahlale ehostela, kodwa kuyarentwa,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.