Abazali bakhala ngothishanhloko oxoshe ebebenza u-Matric sezokuzobalwa

2017-11-24 07:00

Durban - Bababaza isihluku abazali baseMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal ngokuxoshwa kwezingane zabo ebezifunda umatikuletsheni eNsikeni Senior Secondary School okuthiwa zikhonjwe indlela nguthishanhloko, kwala noma bezicelela ushwele kodwa wathi mazibuye ngonyaka ozayo – kazizibhalanga izivivinyo zokuphela konyaka.

Leli phephandaba lithole ukuthi uBabalwa Sifolo (21) noMbali Mbhele balwile esikoleni bebenga ukuthi omunye uthathe ijezi lomunye kungavunyelwene kanti uNkosinathi Duma (26) yena uxoshelwe ukufika esikoleni edle amponjwana.

Kuthiwa bobathathu laba bafundi baxoshwe sekuzobhalwa izivivinyo zikaMandulo (September) nonyaka. Umthombo weLANGA uthi kube yisihluku esenziwe esikoleni ngoba umatikuletsheni ubalulekile.

Uthi emuva kwezingxoxo ezibekhona esikoleni, kucace bha ukuthi uthishanhloko akahambisani neyokubuyiswa kwezingane.

"Ibuhlungu into eyenzekile, kayikhombisanga ubuntu ngoba phela abazali bashwelezile, bayile nasesikoleni," kusho umthombo.

UNkz Nombulelo Qhulina ongumzali kaBabalwa, uthi ngesikhathi kwenzeka lokhu, ubengekho esesibhedlela saseThekwini. Kuthiwe uyoze aphume eyozizwela ngokwakhe.

Utshele leli phephandaba ukuthi umoya wakhe uhlukumezekile ngenxa yesihluku esikhonjiswe yisikole.

"Uthishanhloko ukhulume nathi wathi uthole incwadi evela emnyangweni wezemfundo ethi masikhethe ukuthi izingane zihamba unomphelo esikoleni noma sizibuyisa ngonyaka ozayo. Sizikhalelile sathi sicela azinikeze ithuba lokuthi zibhale, washaya phansi ngonyawo. Sigcine sivumela okukodwa kwalokhu asitshele khona wathi kushiwo emnyangweni," kusho uNkz Qhulina.

UNkk Irina Mbhele ongunina kaMbali, uthi naye uzamile ukuncenga kodwa uthishanhloko wathi okungcono akushiye yena kulesi sikole kunokuba lezi zingane ziqhubeke nokufunda.

OLUNYE UDABA: Abanjwa ngophondo amawele ayengenele olwama-Idols

Uveze nokuthi ubatshele nokuthi kunamabhuku amakhulu kabi awumyalelo wokuthi ingane engaziphethe kahle yenziwa kanjani.

"Izingane zihlukumezekile, sezifunde unyaka wonke bese ekugcineni zixoshwe sekusele kancane zibone impumelelo. Sikuvumile esitshelwe khona ngoba besingeke sithi makuhambe uthishanhloko esikoleni sakhe wabe esethi izingane mazibuye ngonyaka ozayo," kusho uNkk Mbhele.

Uthi bangajabula uma ungqongqoshe ezophenya ngalolu daba ngoba lubashiye bekhexile ekubeni izingane zabo sezibheke empumelelweni.

UNkk Sibongile Duma uvumile ukuthi ingane yakhe igwetshelwe ukufika esikoleni iphuzile. Utshele leli phephandaba ukuthi ugqingqe amasonto amaningi elokhu ebuyela esikoleni eyoncenga kodwa uthishanhloko wathi ingane mayibuye ngonyaka ozayo mhlawumbe uzobe eseyiyale kahle nayo isizelwe kabusha.

Omunye wabo laba bafundi uthi ngokuhamba kwesikhathi ufonelwe ngomunye wesifazane wathi usebenza kwezemfundo, emtshela ukuthi kumele ayobhala.

"Emuva kwezinsuku ngithintwe ngowesifazane engitshela lokhu, kangivumanga ngoba bese kunamaphepha abesebhaliwe. Besikhona nathi ngisho emhlanganweni uthishanhloko wathi lolu daba kumele lugcine phakathi kwethu nabazali, lungaphumeli ngaphandle," kusho umfundi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sicelo Khuzwayo, uthi ngokombiko abawutholile kumqondisi ehhovisini labo ngaphansi kukaMasipala wesiFunda iHarry Gwala, uveza ukuthi izingane zibiziwe ukuba ziyobhala kodwa zangavumanga.

"Ukuziphatha kwabantwana bekungekuhle unyaka wonke basebebona ukuthi kabakulungele ukubhala. Kasikholwa wukuthi kuyiqiniso abakusho ngothishanhloko," kusho uMnu Khuzwayo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.