Abazali bakhokhela amadoda ane-HIV ukuthi azitike ngocansi namadodakazi

2016-07-25 13:31

Lilongwe - Indoda izishaye isifuba ngokuzibandakanya ocansini namantombazane amancane nangendlela wona akujabulela ngayo.

U-Eric Aniva, 45, waseNsanje eMalawi uthe amantombazane amancane ayamuncoma ngokuba wuqanduqandu embhedeni kanti futhi ayakuthokozela.

OLUNYE UDABA: Bagwetshwa udilikajele abayizitabane eTanzania

U-Aniva uthe kuyingxenye yosiko lwabo ukuthi amantombazane azibandakanye ocansini nabaqwayizi abangamadoda aziwa ngokuba "yizimpisi".

U-Aniva uthi njengamanje uselale namantombazane angu-104 kuhlanganiswe nabantu besifazane selokhu aqala ukusebenza "lomsebenzi"."La mantombazane awasabi, empeleni akhululekile uma enami," usho njalo eqhosha.

Le ndoda iphinde yathi amantombazane ayikhokhela imali ukuthi alale nawo uma esengena ebuntombini. Amantombazane azitika ngocansi nempisi esikhathini esingangezinsuku ezintathu ngemuva kokungena esikhathini okokuqala.

Lesi senzo asibukwa njengaleso sokudlwengula kodwa njengosiko "lokugezwa".

Yize kunjalo u-Aniva one-HIV uvumile ukuthi lolu siko lungase lubukeke njengokuphambene nokugezwa kodwa njengesenzo sokusabalalisa igciwane.

Ngesikhathi u-Aniva ebuzwa ngokungayisebenzisi ikhondomu uthe akuhambisani nenkolo ukusebenzisa ikhondomu.

Udokotela uMay Shaba ongunobhala jikelele weMinistry of Gender and Welfare uthe: "Angeke size sibagxeke labantu kodwa sizobanika imininingwane ezobenza ukuba bashintshe usiko lwabo, kubika iwwww.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.