Abazali baphoxe abafundi abafuna amabhulukwe ababambayo

2017-09-01 18:01

Pretoria - Abafundi besikole iHoërskool Pretoria West bahlulekile emkhankasweni wabo wokufuna ukugqoka amabhulukwe ababambayo.

Abazali balaba bafundi bavote ngazwilinye ukuthi abafuni nakuyibona eyamabhulukwe ababambayo uma begqoke umfaniswano wesikole.

Lokhu kulandela umbhikisho wabanye abafundi ngoMsombuluko bephazamisa ukufunda ngoba bethi abathandi ukugqoka amabhulukwe abadedelayo.

UMnyango wezeMfundo eGauteng ukuqinisekisile ukuthi abazali babafundi bakulesi sikole abazange bavumelane nokubuyekezwa komthetho wesikole mayelana nomfaniswano.

OLUNYE UDABA:Bamisiwe esikoleni abafundi ababonakale kwi-video belwa

Lokhu kwenzeke emhlanganweni wabazali obungoLwesine.

UNgqongqoshe wezeMfundo kulesi sifundazwe uPanyaza Lesufi uthe uzizwe ekhuthazekile futhi anelisekile ngesinqumo sabazali.

"Njengabazali kumele sikulawule ukuziphatha kwezingane zethu futhi siqikelele ukuba sinikeza othisha amandla okuqondisa izigwegwe lapho kukhona ukuphuma esandleni," kusho uLesufi.

UMnyango unxusa abafundi ukuba balandele imigudu efanelekile uma benezikhalazo abafisa ukuziveza.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.