Abe-ANC bathi namanje angeke ‘bamketule’ uZuma ekuvoteni okuyimfihlo

2017-06-22 18:00

Cape Town – Amalungu e-African National Congress (ANC) ePhalamende athi ayasemukela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi uSomlomo wePhalamende, uBaleka Mbete, uyena onganquma ukuthi kungavotwa yini ngokuyimfihlo esiphakamisweni sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma, kodwa athi lokhu angeke kushintshe lutho kuwona.

USotswebhu we-ANC, uJackson Mthembu ngoLwesithathu uthe leli qembu lizobonisana namalungu alo kanye nabaluleki bezomthetho ngemiphumela yalesi sinqumo, kodwa lokho angeke kuze kushintshe uhlangothi lwabo esebevele sebeluthathile.

OLUNYE UDABA: INkantolo inqume ukuthi uSomlomo onganquma ngevoti eliyimfihlo

“… Ukuqonda kwethu kokuqala kwesinqumo ukuthi kunikeza uSomlomo wesiShayamthetho sikaZwelonke, onguSihlalo wekomiti lezomthetho lePhalamende, amandla okunquma ekuvoteni okuyimfihlo…” uMthembu ubeke kanjalo esitatimendeni.

Uthi noma ngabe kugcina kuvotwe ngokuyimfihlo, noma cha, kodwa bayayithemba kakhulu ikhokhasi ye-ANC ukuthi angeke ize ivotele ukugudluza uMengameli we-ANC, ophinde abe nguMengameli wezwe.

INhloko yamaJaji, uMogoeng Mogoeng, ikhiphe isinqumo ngoLwesine sokuthi uMbete njengoSomlomo unawo amandla ngokoMthethosisekelo okuthi anqume ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo noma cha esiphakamisweni sokungamethembi uMengameli Zuma.

Ngaphambilini uMbete wathi akanawo amandla okunquma ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo.

UMbete noMengameli Zuma babe sebeyalelwa ukuba bakhokhele izindleko zecala. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.