Abe-IPID bazophenya ngokudutshulwa komfana emlonyeni eHout Bay

2017-09-14 17:59

Cape Town - Inhlangano ezimele ephenya ngamacala enziwa ngamaphoyisa ikuqinisekisile ukuthi izophenya ngokudutshulwa komfana oneminyaka engu-14 ubudala.

Lo mfana kuthiwa udutshulwe ngesikhathi kunombhikisho womphakathi eHout Bay, eKapa.

UMoses Dlamini okhulumela abe-IPID utshele abeGroundUp ukuthi bathumele abaphenyi ukuba bayothola kabanzi ukuthi kwenzekeni ngemuva kokubona i-video yesigameko.

Ngokusho kwakhe, amaphoyisa abengakababikeli ngalesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Kuzophenywa ngokushona kowesilisa ehlaselwa amaphoyisa

"Kuvulwe icala lokuzama ukubulala kanti futhi sisadingida eyokuvula elinye icala lokwehluleka ukubikela abe-IPID ngalesi sigameko," kusho uDlamini.

Lokhu kulandela isitatimende esikhishwe nguCaptain FC Van Wyk ukuthi kulimale umfana oneminyaka engu-14 ubudala kulesi sigameko futhi wanxusa abazali bomfana ukuba bazovula icala ukuze kuphenywe.

Lo mfana udutshulwe amahlandla amane embikishweni obuseHangberg, Hout Bay.

Kuthiwa lo mfana ubesendleleni eya eHangberg, esuka ekhaya kubo eMizamo Yethu, eyobuka umbhikisho.

Ngesikhathi kuqala uthuthuva, lo mfana nabanye abesimame ababili bacashe ngetafula. Amaphoyisa adubula ngezinhlamvu zenjoloba ebhekise kubo, wadubuleka kabili emlonyeni.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.